Ochwepheshe Bamaprojeke Okufakela Umoya Ezimbonini Nawobunjiniyela

I-Kooltron yifemu yonjiniyela eseKapa ekwazi ukuklama ngokwesidingo, ukuvumelanisa noma ukuthuthukisa noma yiphi isisitimu yasembonini yokufaka umoya yobukhulu obumaphakathi kuya kwenkulu kufanelane nezidingo zekhasimende.

njengoba iwumakhi-mpahla onelayisense ye-OEM, i-Kooltron inethimba elinamakhono aphezulu neshabhu elihlome laphelela okusinika amandla okuklama nokwakha uhlu olubanzi lwemikhiqizo yeqophelo eliphezulu ngamanani akahle.

 

I-Software Yokukhetha Iziphephethi Ebamba Nxazonke YAMAHHALA

I-Kooltron iye yaklama ngokwesidingo ithuluzi lokukhetha iziphephethi (fans) elibamba nxazonke ukuze kube lula kuwe uku-oda. Vele ufake imininingwane yakho yokukhetha bese kuthi le software izobe isiveza isiphephethi esifanela kahle kakhulu i-aplikesheni yakho.

Le software ikuvumela ukuba wenze ukujasta kokukhetha (adjust) okubamba nxazonke (interactive) ekhophini eprintekayo yokugoba kwesiphephethi. Uma sewenele, vele uthumele okukhethile nge-email ucele ikhothesheni e-Kooltron.

   DAWUNILODA LE SOFTWARE

Mayelana nathi

I-Kooltron yamiswa ngo-1968 futhi yalokhu izenzela igama njengochwepheshe bokupholisa kokuhwamukisa. Nokho, kula mashumi eminyaka amuva siye sandisa amasevisi ethu saba umbambi-qhaza obalulekile kuzo zonke izici zamasisitimu okufakela umoya asezimbonini obukhulu obumaphakathi kuya kwamakhulu asukela enanini lika-R10 000 kuya ku-R4.8 izigidi.

Nakuba saqala ngokuzakhela iziphephethi zokusetshenziswa kwawethu amaprojeke manje sesiphenduke ifemu ebalulekile emakethe mayelana nokukhiqizela abanye iziphephethi.

I-Kooltron iyilungu elirejistiwe le-Steel and Engineering Industries of South Africa (SEIFSA), i-Chamber of Commerce kanye ne
Construction Industries Development Board (CIBD) futhi ibekwe kuQophelo le-M4.

 

Sithinte ngefoni noma i-email ukuze uthole ukwaziswa okuthe

Unit No 6, Island Park, 18 Auckland Street, Paarden Eiland, Cape Town 7405, South Africa

PO Box 69, Paarden Eiland, Cape Town 7420, South Africa

Tel: +27 (021) 511 0109     Fax: +27 (021) 511 0128     Email: info@kooltron.co.za

 

FLAGSHIP PROJECTS